19,340 case Abathelelekile
7,518 deaths Abashonile
Kunobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi lesi sifo sakhandwa ngabantu (iIlluminati;UN-WHO; World Governments;etc) ngenhloso yokunciphisa isibalo sabantu emhlabeni. Lokho-ke akumangazi muntu ngoba umhlaba uphethwe ngamaSatanist afuna ukufeza izinjongo zikaDeveli.
Naphezu kwemizamo yomhlaba wonkana yokusinqanda silokhu sibhebhetheke njalo.
Njengoba kunakwe lamazwe amathathu kunengozi enkulu ukuthi iEbola ingabhebhetheka umhlaba wonke. Makungaba njalo kungaphangalala izigidi ngezigidi zabantu singabe sisanqandeka. Sekube nemibiko eminingi emazweni amaningi ukuthi lesisifo sesifikile nakhona. Kulamazwe abalwe ngenhla subhubhise imiphakathi yonkana, savala ngahlahla emindenini eminingi. Izwe laseMorocco lize laduba ngisho ukusingatha umncintiswano emikhulukazi wokusingatha imidlalo yebhola yaseAfrica ngenxa yayo belo iEbola.
Okubi kakhulu wukuthi umuntu ongenwe ilesisifo siqala sizifukamele emimbeni wakhe izinsuku ezingaba ngu40 engaguli. Ngalesosikhathi usuke ethelela abanye engazi ukuthi usengumbulali. Umuntu onalesi sifo kudingeka ahlukaniswe nabantu ahlale yedwa. Nodokotela abamnyangayo kudinga bagqoke izinto zokuvikela umimba ukuze bangatheleleki. Yize kunjalo unqwaba yabasebenzi bezempilo badlule nalesi sifo.
Manje umbuzo uwukuthi ungathembela yini kumuntu osolwa ngokusungula nokusakaza lesisifo ukuba athole ikhambi laso.Impendulo ingucha! Ngoba inhloso yabo ukubulala; ngakho uma abantu befa lokho kuchaza ukuthi izinhloso zabo zoyaphumelela.
I-Ebola akukuphela kwesifo esisakazwa abantu; empeleni cishe zonke izifo zesimanjemanje okubalwa ongculaza, TB, cancer, mad cow desease, njlnjl.
Manje mfundi waleblog uyabona ukuthi lento ingenziwa kuphela ngabantu abanezinhliziyo ezimbi ngokwedlulele. Abakhulekeli bakaSathane.
Lokhu kusicacisela kahle ukuthi lelizwe libi futhi ngeke lisalungiseka. Ngumboso kaNkulunkulu kuphela ongalilungisa.
Okwamanje mfundi ungalokothi uthembele kohulumeni ngoba ohulumeni abanendaba nawe. Ukuze uvikeleke kwiEbola sebenzisa amakhambi emvelo afana noCollodial silver, olive leaf extract/tea, yidla ukudla okunempilo; amavitamins and minerals; hlala uqaphile ngaso sonke isikhathi. Thandaza njalo, lokhu kwakubikezelwe ebhayibhelini ukuthi kuyokwenzeka masekusondele umbuso kaNkulunkulu.
Funda ngombuso KaJehova www.jw.org

No comments:
Post a Comment